Thenga imithi

Ukuposelwa imithi

Anginakho "ukuthi" ngingasebenzisa "ukuthi"?

Kujwayelekile ukuthi izinyanga zithi "sebenzisa amanzi olwandle" umuntu abuye kuwena athi "anginawo amanzi olwandle, ngingasebenzisa awomfula?". Inyanga ithi "Sebenzisa uswazi lompentshisi" ushaye intuthu yomuthi owushisile, umuntu abuye athi "angilutholi uswazi kodwa nginemvubu endlini?" uthi angeke usebenzise imvubu, abuye athi "nginesagila ngingasebenzisa sona yini?". Engizama ukukusho ukuze umuthi usebenze yenza lokhu otshelwe khona. Angibathandi abantu ababuya bezofuna ukushintsha umuthi, uma umuthi kumele usebenzise amanzi emvula komele usebenzise wona amanzi emvula. Uma umuthi uthi sebenzisa amanzi empophoma kumele usebenzise wona amanzi empophoma.

Ukukhulelwa nomuthi

Umuthi ophuzwayo kanye nochathayo awuwuthinti uma ukhulelwe unless kungumuthi omayelana nakho ukukhulelwa.

Umuthi awusebenzi?

Uma umuthi ungakusebenzeli. Thola umncamo wentombazane engakathombi, uwubilise namanzi uqgume ngawo. Ukuqguma ukufutha, esigodini sami sithi ukuqguma. Uzoqguma ngalomchamo futhi uphalaze izinsuku ezintathu. Kuzoqaqeka izibopho ukusebenzele umuthi.

Engingakwenzi

Ukuzilandela imithi

UnguMkhulu noma uGogo noma umaKhosi?

Ngithaka imithi angithwasanga ngithanda ukubizwa ngo Nelani okuyigama lami. Kulabo abangibiza bathi bhuti nakhona akunankinga kodwa igama elithi Nelani liwu number 1.

Refund

Emithini yezinyanga asinayo i-refund noma umuthi ungakusebenzelanga. Yinto zonke izinyanga eziyenzayo. Sizama ngayoyonke indlela ukukuthakela umuthi osebenzayo. Umuthi nathi sisuke siwuthengile ayikho inyanga ewumba wonke umuthi, umuthi umila ezindaweni ezahlukene ayikho indawo ekumila yonke imithi khona. Ekugcineni sonke siyawuthenga umuthi. Izikhafulo ziyashiyana kuyenzeka sisodwa usithake ngemithi engu 7 osuke uyithengile. Asenzi profit eningi emithini, ngaphandleke kwalezinyanga ezidumile okhokha R5000 ukuzibona, thina senza noma R50 per umuthi odayisiwe. Okuyimali encane uma ucabanga ukuthi sikubuyisele umuntu wonke obesehambile, abanye sibenzela imithi yokuthola ingane into enkulu kanje empilweni ingane izohlala nawe ikhule. Sengisholo ukuthi uma ume kahle ephaketheni ungabosaba uku donatela izinyanga lezi ezi cheap. Hayi lezi ezibonwa ngabo R5000.

Ukukhokha kwabazoposelwa

Ngiwusomabhizinisi ngisebenzisa i-business account angisebenzi izindlela ezisheshayo zokufaka imali ezitolo. Imali iza kwi business account, angiwusebenzisi ucapitec. Business account uyithola mase usukulungele ukukhokha. Isizathu salokho abantu bathatha ibank account banyamalale emva kwesikhathi eside sekungena imali umuntu usefuna ukuposelwa ngokushesha kanti sekukuningi osekushintshile nama prices.

Ilungelo lokunqaba ukudayisa imithi

Kuyenzeka nginqabe ukudayisa imithi ngezizathu zobuntu. Ngizonika izibonelo lapha ngezansi:

Wuyeke umuthi okuphatha kabi


Ukuthenga izikhafulo

Yini isikhafulo?

Isikhafulo umuthi owodwa noma eminingi esetshenziswa ukubuyisa umuthi owawuthandana naye noma ukwenza umuntu ongathandani naye akuthande. Yini isiphephetho? Kwezinye izindawo isikhafulo ngoba uyasiphephetha sibizwa ngesiphephetho. Ungadidanisi umuthi obizwa ngesiphephetho kanye nesikhafulo. Uzomangala ukwazi ukuthi baningi abantu abafika kumina babuze ukuthi yini isikhafulo?

Ubuya emva kwesikhathi esingakanani umuntu?

Sithatha isikhathi esingakanani isikhafulo ukusebenza? Ngicela ukubuza masusisebenzisile kmele ulinde iskhathi esingakanani kuze ubone umehluko? Asikho isikhathi esinqunyiwe sesikhafulo, engingakutshela kona ukut abaningi babuya kusuka osukwini lokuqala kuya kolwesihlanu, kuyenzeka muntu abuye nge hour lilodwa emva kokukhafulo so asikho isikhathi esaziwayo. Futhi kuyenzeka umuthi ungasebenzi, ngicela ufunda more kwi comment engezansi.

Kuyenzeka yini isikhafulo singasebenzi?

Cela kubuza masingakusebenzeli iskhafulo kusuke kwenziwa yini? Ngiyawuthanda umbuzo wakho

Izizathu ziningi angeke ngaziqeda.

Amaphutha abantu

Izinto ezijwayelekile lezi abantu abazenzayo uma besebenzisa umuthi.

Uhlobo lwezikhafulo onazo?

Izikhafulo zami zisebenzisa umuthi wodwa angizifaki izicubu zabantu abashona. Angizifaki amathambo abantu. Angizifaki amafutha ezilwane. Isikhafulo mnelisi Izikhafulo enginazo Izikhafulo engingenazo:

Imalini isikhafulo?

Isikhafulo sokubuyisa isithandwa ngabe sibiza malini? Siqala ku R200 izikhafulo ezihamba ngazodwana, bese kuba ipackage yona ingu R400. Imithi elandelayo ihambisana nesikhafulo:

Ngamanye amazwi isikhafulo sami siyimithi engu-5. Umuthi wokususa isinyama amashwa kanye nowokususa isichitho kuyenzeka uwuthole usuhlanganisiwe waba ngumuthi owodwa kuncike ekutheni iziphi izithako ezikhona ezihambisanayo. Kuyenzeka uthole eminye imithi kuncika ekutheni ukhulume wathini ngalesikhathi ubika inkinga yakho.


Idliso

Yini idliso?

Idliso kulapho udlisa khona umuntu ukuze akuthande kakhulu angakushiyi, Obani abasebenzisa idliso locansi? Abantu abashadile ikakhulukazi nabantu abasothandweni lwangempela. Abantu idliso libaphatha ngezindlela ezihlukene omunye indoda iba nesikhwele omunye indoda ihlale imlandela ifuna ukuhlale inaye. Angeke sazi indoda izobanjani emva kwedliso. Ziningi izinhlobo zedliso enginazo izinhlobo zedlizo nazi: Isibango siyini? Umuthi ofana nedliso owenza ukuthi indoda ilale nawe kuphela, isibango senza indoda ihlale icabanga wena kuphela. Isibango nedliso locansi kusetshenziswa ngabantu abashadile noma abakipitile kumele ukusebenzise sewazi ukuthi uzohlala phansi awusezoganga, ngoba thina zinyanga siyehluleka ukulikhipha komele ulinde iminyaka cishe emithathu kuya kwemihlanu lize lehle uma ufuna ukumshiya ngoba womshiya akulandele.

Intindili umuthi wemali

Yini intindili?

Intindili ubhontshisi wasolwandle osetshenziselwa ukudonsa imali, ukuvika imimoya emibi, wenza imisebenzi eminingi ungena nakwisigubhu semali. Sinayo intindili edayisayo amanani ezintindili asuka ku R100 afinyelele ku R500.

Iyasebenza ngempela intindili?

Intindili isebenzisa nedlozi lakho uma idlozi lakho lingacacile angeke ikusebenzele. Intindili iletha inhlanhla yemali.

Imibuzo engiyithola zonke izinsuku lena, Intindili ayikhona ukuthwala. Impendulo ithi angeke uwine ilotto, angeke uwine ekugembuleni, futhi angeke ube rich. Kodwa intindili ikunika inhlanhla yalokho osuke ukwenza, angifuni ukuthi ngithi uzowina ilotto uye koyidlala ungawine bese uyabuya uthi "WHY ngingawinanga". Kwabazoyithenga ngethemba ukuthi basuke sebeqonda ukuthi isebenza kanjani? Kodwa abasuke bengakwazi ukuthi ithakwa kanjani? Kulapho ke ngibathakela ngibanika. Uma ufuna ukuceba ngokushesha angeke ikusize intindili kodwa iletha inhlanhla kokwenzayo ngemali.

Ukuthwala ngentindili?

Intindili ayikhona ukuthwala ayikho imali eqinisewe ozoyithola, akufani nokuthwala ukusebenzisa intindili.

Imithetho yentindili?

Isebenza kanjani intindili?

Intindili ihambisana nedlozi uma idlozi lakho lingakusizi nayo intindili angeke ikusebenzele ngoba uyayithunyisela uyibike edlozini bese ukhuluma nayo ucele okudingayo kuyona.


Umuthi wokuqoqa isikweletu usebenza kanjani?

Umuntu owayengikweleta usashona ngifuna umfazi wakhe angikhokhele isikweletu?

Uma umuntu eseshonile amabank ayafona asifune kubantu bakubo kodwa lokho akukho emthethweni uma ababheki ekufonela ethi umfowenu uyakweleta ubobatshela badakiwe. Nathi ke la emuthini uma eseshonile okukweletayo cha angeke ngikwenzele umuthi ohlupha abakubo. Myeke alale ngoxolo.

Ngiwumashonisa ngifuna bonke abangikweletayo bakhokhe?

Owethu umuthi awuwenzeli bonke abantu, kodwa wenzela lowomuntu umbize ngegama. Ngelinye ilanga usungenzela nomunye umuntu wesibili.

Umuthi wokuthola abantwana?

Umuthi wokukhulelwa or wokuthola abantwana ukhona uzodinga ukuxoxisana nami kuqala

Imalini imithi?

Bheka ama prices emithi

Ukuthenga imithi

Thinta kuzovulekwa whatsapp 065 221 0383

Links

Ngezansi i video efundisa ukuthenga imithi

Comments
 
Ngabe unayo imibuzo? or ama comments ngale article engenhla?

?
 



Video efundisa ngemithi yonke

Copying website content without an owners permission is illegal. No matter how small or big the content.

Ukuthenga imithi whatsapp +27633220426...click here

Send this post to Whatsapp